TITLE: Izinkondlo Ezimdwayidwa

AUTHOR:S Zungu, M Mazibuko,M Mthembu
ISBN:978-1-920647-26-1
GENRE:Poetry
LANGUAGE:IsiZulu

DESCRIPTION:       Lapha sethulelwa uMazibuko, uZungu kanye noMthembu, abaqephuza izinkondlo zabo kusuke usinga. Basethulela   izindikimba ezahlukahlukene. Bakhipha unyawo ekusetshenzisweni kwesiZulu. Baletha isinxi, injabulo, ukukhathazeka, ukomela ulwazi nokushushuzeleka njengabantwana kulowo ozifundayo izinkondlo zabo. Uyothobeka noma udumele. Uyozizwa ujabule ngendlela engachazeki, uma unexhala lokuthile. Ungazifundela nawe uzizwele. UMazibuko eyedwa nje unenkondlo ethi, ‘Nobhutshuzwayo mntakwethu’, othi ulindele ukuthi uzokhuluma ngosofasilahlane wakhe, akhulume ngebhola lona leli elibizwa ngonobhutshuzwayo. Kuvele kuhlale obala ukuthi kungani elibiza ngomntakwabo. Uyobhema ukholwe mhla wahlangabezana nayo bukhoma le nkondlo. Uthini-ke ngolunye ulozolo lwezinye izinkondlo ezikuleli  qoqo?