TITLE: U-Alice ezweni lezimanga

AUTHOR:DBZ Ntuli
ISBN:978-1-782010-65-4
GENRE:Novel
LANGUAGE:IsiZulu

DESCRIPTION:       Lena yindaba ka-Alice, intombazana encane, ezizwa iphelelwa wuthando lokuhlala nodadewabo eduze komfula. U-Alice usebona unogwaja ongachazeki nje, ogqoke intolibhantshi, udlula ngakubo ngejubane. U-Alice usezwa efisa ukumbona ukuthi uphelelaphi lo nogwaja; wamlandela ngamehlo waze wayongena emgodini. No-Alice uzithola esengena kuwo umgodi lowo. Nakho-ke esekhalakathela eze eyothi thanqa ezweni lezimanga. Kule ndawo uhlangana nabantu abehlukahlukene, ikakhulu izilwane, konke kwenza impilo yakhe iguquke ibe yisimanga. Ezinye zezinto ahlangabezana nazo zivela zinkulu ngangomzimba wakhe. Ekugcineni uhlangabezana neNkosi kanye neNdlovukazi. INdlovukazi yona idume ngokujezisa bonke abayedelelayo. U-Alice ubhekana nayo ngqo iNdlovukazi lena.